NgokukaJohane 3:22-30

NgokukaJohane 3:22-30 ZUL59

Ngasemva kwalokho uJesu weza nabafundi bakhe ezweni laseJudiya; wahlala khona nabo, wabhapathiza. Naye uJohane wayebhapathiza e-Enoni eduze neSalimi, ngokuba amanzi ayemaningi lapho; beza babhapathizwa. Ngokuba uJohane wayengakafakwa etilongweni. Kwase kuvela ukuphikisana phakathi kwabafundi bakaJohane nabaJuda ngokuhlambulula. Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe phesheya kweJordani, owamfakazelayo, bheka, uyabhapathiza, bonke beza kuye.” UJohane waphendula wathi: “Umuntu angelwamukele utho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini. Nina ngokwenu niyangifakazela ukuba ngathi: ‘Angisiye uKristu mina, kodwa ngithunyiwe ngaphambi kwakhe.’ Onomlobokazi ungumyeni, kepha umhlobo womyeni omiyo emuzwa uthokoza nokuthokoza ngezwi lomyeni. Le ntokozo yami isiphelele. Umelwe ukukhula yena, nginciphe mina.