NgokukaJohane 14:16-21

NgokukaJohane 14:16-21 ZUL59

Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade, uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini. Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini. Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini. Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”

Ividiyo ye- NgokukaJohane 14:16-21

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 14:16-21