NgokukaJohane 13:12-16

NgokukaJohane 13:12-16 ZUL59

Esegeze izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe, wabuye wahlala, wathi kubo: “Niyakwazi yini engikwenzile kini na? Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi;’ nisho kahle, ngokuba ngiyikho. Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo. Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.

Ividiyo ye- NgokukaJohane 13:12-16

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 13:12-16