NgokukaJohane 12:1-19

NgokukaJohane 12:1-19 ZUL59

Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika, uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo. Base bemenzela ukudla khona; uMarta wayephaka, kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye. UMariya wayesethatha ilitra* lamafutha enadi* lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha. Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe obezakumkhaphela, wathi: “Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu* abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?” Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso. Ngakho uJesu wathi: “Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami. Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.” Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho. Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela, kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo. Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru, ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu. Ngangomuso abantu abaningi abafike emkhosini sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema, bathatha amahlamvu esundu, baphuma ukumhlangabeza. Bamemeza bathi: “Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi, yebo, iNkosi ka-Israyeli.” UJesu esefumene imbongolo entsha wakhwela kuyo njengokulotshiwe ukuthi: “Ungesabi, ndodakazi yaseSiyoni; bheka, iNkosi yakho iza, ikhwele etholeni lembongolo.” Lokho abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; kodwa esekhazimulisiwe uJesu, base bekhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye nokuthi babekwenzile lokho kuye. Ngakho safakaza isixuku esasinaye, lapho ebiza uLazaru aphume ethuneni, emvusa kwabafileyo. Ngenxa yalokho isixuku saya samhlangabeza, ngokuba sase sizwile ukuthi wayesenzile leso sibonakaliso. Ngakho abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona ukuthi anisizi lutho; bheka, izwe lonke liyamlandela.”

Ividiyo ye- NgokukaJohane 12:1-19