“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indawo, lowo uyisela nomphangi. Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu. Umlindisango uyamvulela lowo; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle. Nxa esezikhiphile ezakhe zonke, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba zilazi izwi lakhe. Kepha umfokazi azisoze zamlandela, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba zingalazi izwi labafokazi.” UJesu washo lo mfanekiso kubo; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokho akukhuluma kubo. Ngakho-ke uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Bonke abafike ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo. Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime. “Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.
Funda NgokukaJohane 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 10:1-11
6 Days
If Jesus were on board with every idea His followers have staked His claim in, then He’d be one incredibly confused Son of God, always at odds with Himself and overly busy leading the charge for both sides of every debate. Thankfully, Jesus speaks for Himself. You can read His words in this new Life.Church Bible Plan to accompany Pastor Craig Groeschel’s message series, Things Jesus Never Said.
7 Days
Amy Groeschel has written this seven-day Bible Plan in hopes it will be taken as straight from our loving Father’s heart to yours. Her prayer is that it teaches you to avoid the opposing clamor and awakens you to focus on His voice.
21 Days
Oftentimes we struggle to share the gospel with our friends. Either we are overcome with fear or don't know what to share. We all need a burden to reach our lost friends for Christ. This is a 21-day Bible reading plan that helps us meditate specifically on passages related to evangelism and is accompanied by a short prayer for each day for our friends.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo