NgokukaJohane 1:14-18

NgokukaJohane 1:14-18 ZUL59

ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami uvelile ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’ ” Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu. Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 1:14-18