AbAhluleli 8:30-35

AbAhluleli 8:30-35 ZUL59

UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa aphuma okhalweni lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi. Isancinza sakhe esasiseShekemi naso samzalela indodana, sayiqamba igama lokuthi u-Abimeleki. UGideyoni indodana kaJowashi wafa esemdala, wembelwa ethuneni likaJowashi uyise e-Ofira lama-Abiyezeri. Kwathi esefile uGideyoni, abantwana bakwa-Israyeli babuye baphinga nawoBali, bamenza uBali Beriti unkulunkulu wabo. Abantwana bakwa-Israyeli babengakhumbuli uJehova uNkulunkulu wabo owabophula esandleni sezitha zonke zabo nxazonke. Abenzanga umusa kuyo indlu kaJerubali* onguGideyoni njengakho konke okuhle ayekwenzile ku-Israyeli.