Base behlabelela oDebora noBaraki indodana ka-Abinohama ngalolo suku, bethi:
“Ngokuba abaholi beholile
kwa-Israyeli,
ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo,
bongani uJehova.
“Yizwani nina makhosi;
bekani indlebe nina zikhulu;
mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova,
ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
“Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri,
ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi
umhlaba wazamazama, namazulu aconsa,
yebo, amafu aconsa amanzi.
Izintaba zathuthumela ebusweni
bukaJehova,
yebo, nalo iSinayi lelo,
ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
“Ezinsukwini zikaShamgari indodana
ka-Anati,
ezinsukwini zikaJayeli imendo yayishiyiwe;
ababeyakuhamba ngemendo bahamba ngemikhondo.
Abaholi baphela kwa-Israyeli,
banqamuka,
ngaze ngavuka mina Debora,
ngavuka ngingunina kwa-Israyeli.
Bakhetha onkulunkulu abasha;
lapho kwafika impi emasangweni;
kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini
phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?
Inhliziyo yami ikubabusi
bakwa-Israyeli
abazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu;
bongani uJehova.
“Nina enigibela izimbongolo
ezimhlophe,
nina enihlezi emacansini,
nani enihamba ngendlela, kulandeni.
Ekwahlukaniseni impango phakathi
kwemiqengqe yamanzi
balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova,
ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli;
khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.
“ ‘Vuka, vuka, Debora!
Vuka, vuka, uhube ihubo!
Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho,
wena ndodana ka-Abinohama!’