AbAhluleli 3:1-6

AbAhluleli 3:1-6 ZUL59

Lezi ziyizizwe aziyekile uJehova ukuze amvivinye ngazo u-Israyeli, bonke abakwa-Israyeli ababengazi mpi eKhanani, kuphela ukuba izizukulwane zabantwana bakwa-Israyeli zazi, zifundiswe impi, ikakhulu labo ababengayazi ngaphambili. Amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali Hermoni kuze kube sekuyeni eHamati. Zazingezokuba u-Israyeli avivinywe ngazo, kwazeke uma beyakulalela imiyalo kaJehova abayala ngayo oyise ngesandla sikaMose. Abantwana bakwa-Israyeli bahlala phakathi kwamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, bathatha amadodakazi awo aba ngomkabo, banika amadodana awo amadodakazi abo, bakhonza onkulunkulu bawo.