UJefta wakwaGileyadi wayeyiqhawe elinamandla; wayeyindodana yesifebe; uGileyadi wamzala uJefta. UmkaGileyadi wamzalela amadodana; esekhulile amadodana omkakhe amxosha uJefta, athi kuye: “Awuyikulidla ifa endlini kababa, ngokuba uyindodana yomunye owesifazane.” UJefta wabalekela abafowabo, wahlala ezweni laseThobi; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye. Kwathi emva kwesikhashana abantwana bakwa-Amoni balwa no-Israyeli. Bathi abantwana bakwa-Amoni belwa no-Israyeli, amalunga akwaGileyadi aya amlanda uJefta ezweni laseThobi. Athi kuJefta: “Woza ube ngumholi wethu, silwe nabantwana bakwa-Amoni.” UJefta wathi kumalunga akwaGileyadi: “Aningizondanga yini, nangixosha endlini kababa na? Nizelani kimi manje nisekuhluphekeni na?” Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: “Sibuyele kuwe manje ngalokhu ukuba uhambe nathi, ulwe nabantwana bakwa-Amoni, ube yinhloko phezu kwabo bonke abakhe kwaGileyadi.” Wayesethi uJefta kumalunga akwaGileyadi: “Uma ningibuyisa ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, uJehova abanikele phambi kwami, ngiyakuba yinhloko yenu.” Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: “UJehova makabe ngufakazi wethu; impela siyakwenza njengezwi lakho.” UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi; abantu bamenza inhloko nomholi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa. UJefta wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni, wathi: “Unamsebenzi muni nami ukuba uze kimi ukulwa nezwe lakithi na?” Inkosi yabantwana bakwa-Amoni yathi kuzo izithunywa zikaJefta: “Ngokuba u-Israyeli walithatha izwe lakithi ekukhuphukeni kwakhe eGibithe, kusukela e-Arinoni kuze kube seJaboki naseJordani, buyisani lawo mazwe ngokuthula.” UJefta wabuye wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni, wathi kuyo: “Usho kanje uJefta, uthi: U-Israyeli akathathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni.
Funda AbAhluleli 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AbAhluleli 11:1-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo