Bazalwane, misani abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela. Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu. Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni. Kukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke; kukhona owenamileyo na? Makahube. Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona. Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu. U-Eliya wayengumuntu efana nathi; wakhuleka nokukhuleka ukuba lingani; alinanga emhlabeni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha. Wabuye wakhuleka; izulu lana imvula, nomhlaba wathela izithelo zawo. Bazalwane bami, uma omunye kini eduka eqinisweni, omunye ambuyise, yazini ukuthi obuyisile isoni ekudukeni kwendlela yaso uyakusindisa umphefumulo wakhe ekufeni, asibekele izono eziningi.
Funda EkaJakobe 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: EkaJakobe 5:10-20
10 Days
As Christians, we are not immune to troubles in this world. In fact, John 16:33 promises they will come. If you are facing the storms of life right now, this devotional is for you. It is a reminder of the hope that gets us through life's storms. And if you aren't facing any struggles in this moment, it will give you the foundation that will help you through future trials.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo