U-Isaya 9:8-17

U-Isaya 9:8-17 ZUL59

INkosi ithume izwi kuJakobe, lehlela kwa-Israyeli. Bonke abantu bayakwazi, u-Efrayimi nabakhe eSamariya, abasho ekuziphakamiseni kwabo nasekuziqhenyeni kwenhliziyo ukuthi: “Izitini ziwile, kepha siyakwakha ngamatshe abaziweyo; imithombe igawuliwe, kepha siyakutshala imisedari* ezikhundleni zayo.” UJehova uyabaphakamisela izitha zikaResini, ahlomise abamelene nabo, i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva, bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe. Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo, futhi abamfunanga uJehova Sebawoti. Ngalokho uJehova uyanquma kwa-Israyeli ikhanda nomsila, igatsha lesundu nomhlanga, ngalusuku lunye. Ilunga nophakemeyo bayikhanda, nomprofethi ofundisa amanga ungumsila. Ngokuba abahola laba bantu bayabadukisa, nabaholwa yibo bayagwinywa. Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo, ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.

Funda U-Isaya 9