U-Isaya 64

64
Ukukhala kuka-Israyeli
1 Sengathi ungadabula amazulu, wehle,
zizamazame izintaba phambi kwakho
2njengokuphenjwa komlilo ezinsabeni,
nalapho umlilo ubilisa amanzi,
ukuze wazise izitha zakho igama lakho,
izizwe zithuthumele phambi kwakho.
3Ekwenzeni kwakho okwesabekayo esingakubhekanga wehla;
izintaba zathuthumela phambi kwakho.
4Kusukela endulo abantu abezwanga,
abacoshanga nangendlebe,
futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakho
osebenzela omhlalelayo.
5Wahlangabeza labo ababethokoza ngokwenza ukulunga,
labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho.
Wena wathukuthela, thina sona;
sahlala kukho nasendulo;
siyakusindiswa na?
6 Sonke saba njengongcolileyo,
nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo;
sabuna sonke njengeqabunga,
nobubi bethu basisusa njengomoya.
7Kwakungekho owalibiza igama lakho,
owazivusela ukubambelela kuwe,
ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi,
wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
8 Kepha manje, Jehova, unguBaba;
thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu,
singumsebenzi wesandla sakho sonke.
9 Ungathukutheli kakhulu, Jehova,
ungakhumbuli njalo ububi.
Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho.
10Imizi yakho engcwele iphendukile ihlane;
iSiyoni liphendukile ihlane,
neJerusalema liyincithakalo.
11 Indlu yethu engcwele nemangalisayo,
lapho obaba babekudumisa khona,
ishisiwe ngomlilo,
nazo zonke izindawo zethu ezithandekayo ziphendukile izincithakalo.
12Ungazibamba kukho konke lokhu, Jehova?
Ungathula, uze usihluphe kangaka, na?

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 64: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo