U-Isaya 6

6
1 Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Uziya ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo, umsila wengubo yakhe ugcwalisa ithempeli. 2 Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi;* yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili lamboza ubuso, nangamabili lamboza izinyawo, nangamabili landiza. 3 Elinye lamemeza kwelinye, lathi:
“Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti,
wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”
4 Izinsika zomnyango zathuthumela ngezwi lomemezayo, indlu yagcwala umusi. 5 Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.”
6Kepha landizela kimi elinye lamaserafi* liphethe ilahle elivuthayo esandleni salo, elalilithathe ngodlawu e-altare, 7 lathinta umlomo wami, lathi: “Bheka, lokhu kuthintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho zihlanguliwe.”
8Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na?”
Ngase ngithi: “Bheka, nangu mina; ngithume mina.”
9 Yathi: “Hamba usho kulaba bantu ukuthi:
“ ‘Yizwani, yizwani, kepha ningaqondi;
bonani, bonani, kepha ningazi.’
10 Yenza inhliziyo yalaba bantu ukuba ikhuluphale,
nezindlebe zabo zibe buthuntu,
ufiphaze amehlo abo,
funa babone ngamehlo abo,
bezwe ngezindlebe zabo,
baqonde ngenhliziyo yabo,
babuye, baphiliswe.”
11Ngase ngithi: “Nkosi, koze kube nini na?”
Yathi:
“Kuze kuchithwe imizi,
kungabe kusaba khona ohlala kuyo,
nezindlu zingabe zisaba namuntu,
nomhlaba uchitheke ube yize,
12uJehova aze adedisele kude abantu,
nencithakalo ibe nkulu ezweni.
13Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo,
yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte* ne-oki*
okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona;
inzalo engcwele iyisiqu sakho.”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 6: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo