U-Isaya 55:8-13

U-Isaya 55:8-13 ZUL59

“Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami,” usho uJehova. “Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu. Ngokuba njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini, kungabuyeli khona, kepha kuwunethisa umhlaba, kuwenze ukuba uthele, uhlume, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa, liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho. Ngokuba niyakuphuma ngokuthokoza, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhumuka ngokuhlabelela phambi kwenu, nemithi yonke yasendle iyakushaya ihlombe. Esikhundleni sogagane kuyakumila umsayipuresi,* nasesikhundleni samakhakhasi kuyakumila umbomvana. Kuyakuba yigama kuJehova, nesibonakaliso esingapheliyo esingayikunqunywa.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Isaya 55:8-13