U-Isaya 53:7-9

U-Isaya 53:7-9 ZUL59

Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa, ayivulanga umlomo wayo; njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo. Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni; ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga ukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo, ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na? Babeka ithuna layo kanye nababi; ekufeni yayinabenza okubi, noma ingenzanga indluzula, kungekho nankohliso emlonyeni wayo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Isaya 53:7-9