U-Isaya 40:1-11

U-Isaya 40:1-11 ZUL59

Duduzani, nibaduduze abantu bami, usho uNkulunkulu wenu. Qungani iJerusalema isibindi, nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile nokuthi buhlanguliwe ububi balo, ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo ngazo zonke izono zalo. Izwi liyamemeza lithi: “Lungisani ehlane indlela kaJehova, nihlelembe oqwathuleni umgwaqo kaNkulunkulu wethu. Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa. Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.” Izwi liyakhuluma lithi: “Memeza!” Ngathi: “Ngiyakumemezani na?” Inyama yonke ingutshani, bonke ubuhle bayo bunjengembali yasendle. Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho. Impela abantu bangutshani. Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, kepha izwi likaNkulunkulu wethu limi kuze kube phakade. Khuphukela entabeni ende, wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho, wena Jerusalema obika okujabulisayo, uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.” Bhekani, iNkosi uJehova iyeza ngamandla; ingalo yayo iyakumbusela; bhekani, umvuzo wayo inawo, inkokhelo yayo iphambi kwayo. Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Isaya 40:1-11

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo