Amehlo akho ayakuyibona inkosi ebuhleni bayo, ayakubona izwe elelulekele kude. Inhliziyo yakho iyakucabanga ngovalo, ithi: “Uphi umbhali, uphi olinganisile intela, uphi obalile imibhoshongo na?” Awuyikubona abantu abanobudlova, abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa, nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda. Kepha bheka iSiyoni, umuzi wemikhosi yethu; amehlo akho mawabuke iJerusalema, indlu yokuthula, itende elingayikususwa, elizikhonkwane zalo aziyikusishulwa nanini, nelizintambo zalo aziyikugqashulwa neyodwa. Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosini esikhundleni semifula nemifudlana ebanzi, lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini, nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo. Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa.
Funda U-Isaya 33
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Isaya 33:17-22
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo