U-Isaya 25

25
Insindiso kaJehova
1 Jehova, unguNkulunkulu wami;
ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.
2 Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba,
nomuzi obiyelweyo waba yincithakalo;
indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi,
ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.
3Ngalokho abantu abanamandla bayakukudumisa,
imizi yezizwe ezinonya zikwesabe.
4 Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu,
inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo,
isiphephelo esivunguvungwini,
umthunzi ekubaleleni,
ngokuba umoya waba nonya,
unjengesivunguvungu odongeni,
5nanjengokushisa endaweni eyomileyo.
Uyathobisa umsindo wabafokazi;
njengokubalela ngomthunzi wefu,
kanjalo ihubo labanonya liyakudanjiswa.
6 UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonke
idili lokukhulupheleyo kule ntaba,
idili lewayini elinenhlese,
okukhulupheleyo okunomnkantsha,
iwayini elinenhlese elicwengekileyo.
7 Uyakuchitha kule ntaba ingaphandle
lesimbozo esimboza abantu bonke,
nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe.
8 Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade;
iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke,
isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke,
ngokuba uJehova ukhulumile.
9 Kuyakuthiwa ngalolo suku:
“Bheka, lo unguNkulunkulu wethu;
simhlalele, uyakusisindisa;
lo unguJehova; simhlalele;
siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.”
10Ngokuba kule ntaba isandla sikaJehova siyakuphumula,
noMowabi uyakunyathelwa phansi endaweni yakhe
njengotshani bunyathelwa emgodini womquba.
11Noma elula izandla zakhe phakathi kwawo
njengohlambayo elula ukuba ahlambe,
uyakuthobisa ukuziphakamisa kwakhe
kanye nobuhlakani bezandla zakhe.
12 Izinqaba eziphakemeyo zezingange zakho
uyakuzibhidliza, azithobise,
azenze ukuba zithintane nomhlabathi nothuli.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 25: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo