U-Isaya 11:6-9

U-Isaya 11:6-9 ZUL59

Impisi iyakuhlala newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye, nomntwana omncane uyakukuqhuba. Inkomo nebhere* kuyakuklaba, amazinyane akho abuthise ndawonye, ingonyama idle utshani njengenkabi. Umntwana oncelayo uyakudlala ngasemgodini webululu, olunyuliweyo elulele isandla sakhe esiseleni sikamantshingeyana. Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.