U-Isaya 11:1-5

U-Isaya 11:1-5 ZUL59

Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kuphume igatsha ezimpandeni zakhe. UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova. Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova; akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe. Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba, awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe. Ukulunga kuyakuba yibhande* lezinkalo zakhe, ukuthembeka kube yibhande lamanyonga akhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Isaya 11:1-5

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo