U-Isaya 1:21-31

U-Isaya 1:21-31 ZUL59

Yeka umuzi othembekileyo waphenduka, waba yisifebe, wena owawugcwele ukwahlulela! Ukulunga kwakuhlezi khona, kepha manje ababulali. Isiliva lakho seliphendukile amanyela; iwayini lakho lixubene namanzi. Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; bonke bathanda izipho, balandela imivuzo; abahluleli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo. Ngalokho ithi iNkosi uJehova Sebawoti, uMninimandla ka-Israyeli: “E, ngiyakuzikhulula kwabamelene nami, ngiziphindisele ezitheni zami, ngibuyisele isandla sami kuwe, ngicwengisise impela amanyela akho, ngisuse lonke ithini* lakho, ngibuyisele abahluleli bakho njengakuqala, nabeluleki bakho njengasekuqaleni, andukuba ubizwe ngokuthi uMuzi Wokulunga, uMuzi Othembekileyo.” ISiyoni liyakuhlengwa ngokwahlulela nabaphendukayo kulo ngokulunga. Izihlubuki nezoni ziyakubhujiswa kanyekanye, nabamshiyayo uJehova bayakuqedwa. “Yebo, bayakuba namahloni ngama-oki* enawanxanelayo, niyangaze ngamasimu enawakhethayo. Ngokuba niyakuba njenge-oki* elimaqabunga alo abunile, nanjengensimu engenamanzi. Abanamandla bayakuba njengefilakisi,* nemisebenzi yabo njengenhlansi; bayakusha bobabili kanyekanye, akuyikubakho ocimayo.”

Funda U-Isaya 1