KumaHeberu 8

8
UKristu usenguye umpristi omkhulu nasezulwini
1 Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini, 2 isikhonzi sokungcwele nesetabernakele* lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu.
3 Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela. 4Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho, 5 bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,” 6 kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.
Isivumelwano esisha sikhulu kunesidala
7Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili. 8 Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo:
“Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi,
lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli,
nendlu kaJuda,
9 kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise
mhla ngibabamba ngesandla
ukubakhipha ezweni laseGibithe,
ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami,
nami angibanakanga, isho iNkosi.
10 Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli
emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi:
ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo,
ngiyilobe ezinhliziyweni zabo,
ngibe nguNkulunkulu wabo,
bona babe ngabantu bami.
11 Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo,
nalowo umfowabo, ngokuthi:
‘Yazi INkosi;’
ngokuba bonke bayakungazi,
kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.
12Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,
nezono zabo angisayikuzikhumbula.”
13 Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHeberu 8: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo