UHabakuki 2:1-3
UHabakuki 2:1-3 ZUL59
Ngiyakuma endaweni yami yokulinda, ngigcule enqabeni, ngikhangele ukubona ukuthi uyakukhulumani kimi nokuthi ngiyakuphendulani ngokusola kwami. UJehova wangiphendula wathi: “Wulobe umbono, uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula. Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.



