UGenesise 48:8-19

UGenesise 48:8-19 ZUL59

U-Israyeli wabona amadodana kaJosefa, wathi: “Ngobani laba na?” UJosefa wathi kuye: “Ngamadodana ami angiphe wona lapha uNkulunkulu.” Wayesethi: “Ake uwalethe kimi, ngiwabusise.” Kepha amehlo ka-Israyeli ayefiphele ngobudala, engasenakubona; wawasondeza kuye; wawanga, wawagona. Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Ngangingacabanganga ukuthi ngizakubona ubuso bakho; bheka, uNkulunkulu ungibonise nenzalo yakho.” UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi. UJosefa wayesebathatha bobabili, u-Efrayimi ngesokunene, engakwesokhohlo sika-Israyeli, noManase ngesokhohlo, engakwesokunene sika-Israyeli, wabasondeza kuye. U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene, wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo. Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahamba ebusweni bakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwami kuze kube namuhla, ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.” Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika-Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase. Wayesethi uJosefa kuyise: “Kungabi njalo, ngokuba lo uyizibulo; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.” Kepha uyise wala, wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakuba yisizwe, abe mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe yizizwe eziningi.”