UGenesise 37:5-11

UGenesise 37:5-11 ZUL59

UJosefa waphupha iphupho, wabalandisa lona abafowabo; babelokhu bemzonda kakhulu. Wathi kubo: “Ake nizwe leli phupho engiliphuphileyo. Bhekani, besibopha izithungu ensimini; naso-ke isithungu sami sivuka sima; nazo-ke izithungu zenu zisiphahla, zisikhothamela isithungu sami.” Base bethi kuye abafowabo: “Impela uyakuba yinkosi yethu, usibuse na?” Bamzonda kakhulu kunakuqala ngenxa yamaphupho akhe namazwi akhe. Waphupha nelinye iphupho, wabalandisa lona abafowabo, wathi: “Bhekani, ngiphuphe nelinye iphupho; bhekani-ke ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kwangikhothamela.” Wabalandisa uyise nabafowabo; uyise wamsola, wathi kuye: “Yiphupho lini leli oliphuphileyo na? Impela mina nonyoko nabafowenu siyakuza, sikukhothamele emhlabathini na?” Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.