UGenesise 37:1-11

UGenesise 37:1-11 ZUL59

UJakobe wakha ezweni lokugogobala kukayise, ezweni laseKhanani. Lokhu kuyindaba kaJakobe. UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo. Kepha u-Israyeli wathanda uJosefa kakhulu kunabantwana bakhe bonke, ngokuba wayeyindodana yobuxhegu bakhe; wamenzela ingubo enemikhono emide. Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula. UJosefa waphupha iphupho, wabalandisa lona abafowabo; babelokhu bemzonda kakhulu. Wathi kubo: “Ake nizwe leli phupho engiliphuphileyo. Bhekani, besibopha izithungu ensimini; naso-ke isithungu sami sivuka sima; nazo-ke izithungu zenu zisiphahla, zisikhothamela isithungu sami.” Base bethi kuye abafowabo: “Impela uyakuba yinkosi yethu, usibuse na?” Bamzonda kakhulu kunakuqala ngenxa yamaphupho akhe namazwi akhe. Waphupha nelinye iphupho, wabalandisa lona abafowabo, wathi: “Bhekani, ngiphuphe nelinye iphupho; bhekani-ke ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kwangikhothamela.” Wabalandisa uyise nabafowabo; uyise wamsola, wathi kuye: “Yiphupho lini leli oliphuphileyo na? Impela mina nonyoko nabafowenu siyakuza, sikukhothamele emhlabathini na?” Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo