UGenesise 36

36
Umndeni ka-Esawu
1 Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu ongu-Edomi.
2 U-Esawu wazithathela abafazi kuwo amadodakazi aseKhanani: u-Ada indodakazi ka-Eloni umHeti, no-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni umHivi, 3noBasemati indodakazi ka-Ishmayeli, udadewabo kaNebayoti.
4U-Ada wamzalela u-Esawu u-Elifazi; uBasemati wazala uRehuweli; 5u-Oholibama wazala oJewushe, noJalamu, noKora; lawo angamadodana ka-Esawu azalelwa wona ezweni laseKhanani.
6U-Esawu wathatha omkakhe, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nabantu bonke bendlu yakhe, nemfuyo yakhe, nezinkomo zakhe, nempahla yonke yakhe owayeyizuze ezweni laseKhanani, waya ezweni elikude nomfowabo uJakobe. 7 Ngokuba imfuyo yabo yayiyinkulu kunokuba bahlale ndawonye, nezwe lokugogobala kwabo lalingenakubathwala ngenxa yemfuyo yabo. 8 U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.
9Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu uyise wabakwa-Edomi entabeni yaseSeyiri. 10Nanka amagama amadodana ka-Esawu: Ngu-Elifazi indodana ka-Ada umka-Esawu, noRehuweli indodana kaBasemati umka-Esawu. 11Amadodana ka-Elifazi ayengoThemani, no-Omari, noSefo, noGathamu, noKenazi. 12UThimna wayeyisancinza sika-Elifazi indodana ka-Esawu; wamzalela u-Elifazi u-Amaleki; yilawo angamadodana ka-Ada umka-Esawu. 13Lawa angamadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu. 14Lawa angamadodana ka-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni, umka-Esawu: wamzalela u-Esawu oJewushe, noJalamu, noKora.
15 Laba bangabanumzane bamadodana ka-Elifazi izibulo lika-Esawu: Ngumnumzane uThemani, nomnumzane u-Omari, nomnumzane uSefo, nomnumzane uKenazi, 16nomnumzane uKora, nomnumzane uGathamu, nomnumzane u-Amaleki; yilabo abangabanumzane abavela ku-Elifazi ezweni lakwa-Edomi; yilawo angamadodana ka-Ada. 17Lawa angamadodana kaRehuweli indodana ka-Esawu: ngumnumzane uNahati, nomnumzane uZera, nomnumzane uShama, nomnumzane uMiza; yilabo abangabanumzane abavela kuRehuweli ezweni lakwa-Edomi; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu. 18Lawa angamadodana ka-Oholibama umka-Esawu: ngumnumzane uJewushe, nomnumzane uJalamu, nomnumzane uKora; yilabo abangabanumzane abavela ku-Oholibama indodakazi ka-Ana umka-Esawu.
19Yilawo angamadodana ka-Esawu; labo bangabanumzane bawo; yena ungu-Edomi.
Inzalo kaSeyiri
20 Lawa angamadodana kaSeyiri umHori ayakhe kulelo zwe: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana, 21noDishoni, no-Eseri, noDishani; labo bangabanumzane abavela kuwo amaHori, abantwana bakaSeyiri ezweni lakwa-Edomi. 22Amadodana kaLothani ayengoHori noHemamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna. 23Lawa angamadodana kaShobali: ngo-Alevani, noManahati, no-Ebali, noShefo, no-Onamu. 24Lawa angamadodana kaSibeyoni: ngo-Aya, no-Ana; nguyena lowo Ana owafumana imithombo eshisayo ehlane, ezalusa izimbongolo zikaSibeyoni uyise. 25Laba bangabantwana baka-Ana: ngoDishoni no-Oholibama indodakazi ka-Ana. 26Lawa angamadodana kaDishoni: ngoHemdani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani. 27Lawa angamadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, no-Akani. 28Lawa angamadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana. 29Laba bangabanumzane abavela kuwo amaHori: ngumnumzane uLothani, nomnumzane uShobali, nomnumzane uSibeyoni, nomnumzane u-Ana, 30nomnumzane uDishoni, nomnumzane u-Eseri, nomnumzane uDishani; yilabo abangabanumzane abavela kuwo amaHori, abanumzane ngabanumzane ezweni laseSeyiri.
31 Lawa angamakhosi ayebusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi kwabakwa-Israyeli. 32UBela indodana kaBeyori wabusa kwabakwa-Edomi; igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba. 33Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe. 34Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe. 35Wafa uHushamu; uHadadi indodana kaBedadi owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti. 36Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe. 37Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngasemfuleni waba yinkosi esikhundleni sakhe. 38Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe. 39Wafa uBali Hanani indodana ka-Akibori; uHadari waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhawu; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.
40 Lawa angamagama abanumzane abavela ku-Esawu ngemindeni yabo, nangezindawo zabo, nangamagama abo: ngumnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliva, nomnumzane uJeteti, 41nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni, 42nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari, 43nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu; yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi ngokwakha kwabo ezweni elaliyifa labo; nguyena u-Esawu uyise wabakwa-Edomi.

Okuqokiwe okwamanje:

UGenesise 36: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo