UGenesise 22

22
Ukuyalezwa kuka-Abrahama kokunikela ngo-Isaka
1 Kwathi emva kwalezo zinto uNkulunkulu wamvinvinya u-Abrahama, wathi kuye: “Abrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.” 2 Wayesethi: “Thatha manje indodana yakho eyodwa oyithandayo, u-Isaka, uye ezweni laseMoriya, unikele khona ngaye abe ngumnikelo wokushiswa entabeni ethile engizakukutshela yona.”
3U-Abrahama wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili ezincekwini zakhe, no-Isaka indodana yakhe; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshele yona. 4Ngosuku lwesithathu u-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wayibona indawo isekude. 5U-Abrahama wathi ezincekwini zakhe: “Hlalani lapha nembongolo; mina nomfana sisaya laphaya, sikhuleke, sibuye size kini.”
6U-Abrahama wathatha izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wazibeka phezu kuka-Isaka indodana yakhe, waphatha esandleni sakhe umlilo nomese; bahamba bobabili kanyekanye. 7U-Isaka wathi ku-Abrahama uyise: “Baba.”
Wathi yena: “Ngilapha, ndodana yami.”
Wayesethi: “Bheka, nanku umlilo nezinkuni, kepha iphi imvu yomnikelo ezakushiswa na?”
8U-Abrahama wathi: “UNkulunkulu uzakuzibonela imvu yomnikelo ezakushiswa, ndodana yami,” bahamba bobabili kanyekanye.
9Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wambopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni. 10U-Abrahama waselula isandla sakhe, wathatha umese ukuba ahlabe indodana yakhe. 11Kwase kumemeza kuye ingelosi kaJehova isezulwini, ithi: “Abrahama, Abrahama!”
Yena wathi: “Ngilapha.”
12 Yayisithi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.”
13U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, ngemuva yinqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo; u-Abrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo umnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe. 14U-Abrahama waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi uJehova uyabonelela, njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.
15Ingelosi kaJehova yayisimemeza ku-Abrahama ngokwesibili isezulwini, 16 ithi: “Ngizifungile, usho uJehova, ukuthi njengokuba ukwenzile lokhu, ungagodlanga indodana yakho eyodwa, 17 ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo, 18 nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”
19U-Abrahama wayesebuyela ezincekwini zakhe; basuka, baya eBeri Sheba; u-Abrahama wakha eBeri Sheba.
Inzalo kaNahori
20 Kwathi emva kwalokho kwabikwa ku-Abrahama ukuthi: “Bheka, naye uMilka umzalele uNahori umfowenu abantwana: 21Ngu-Use izibulo lakhe, noBusi umfowabo, noKemuweli uyise ka-Aramu, 22noKesede, noHazo, noPilidashe, noJidilafe, noBetuweli,” 23uBetuweli wazala uRebeka; laba abayisishiyagalombili uMilka wabazalela uNahori umfowabo ka-Abrahama. 24Nesancinza sakhe esigama laso lalinguRewuma sazala oTheba, noGahamu, noTahashi, noMahakha.

Okuqokiwe okwamanje:

UGenesise 22: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo