UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe; UJehova wenza kuSara njengalokho ekhulumile. USara wakhulelwa, wamzalela u-Abrahama indodana esemdala kuleyo nkathi uNkulunkulu abeyishilo kuye. U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe azalelwe yona, ayizalelwe nguSara, ngokuthi u-Isaka. U-Abrahama wayisoka indodana yakhe u-Isaka isinezinsuku eziyisishiyagalombili, njengalokho uNkulunkulu emyalile. U-Abrahama wayeneminyaka eyikhulu, lapho ezalelwa u-Isaka indodana yakhe. USara wathi: “UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihlekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.” Wathi futhi: “Ngubani obengasho ku-Abrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala.”
Funda UGenesise 21
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 21:1-7
7 Days
How has God shown his love, or his power? The Jesus Bible showcases the ways in which God communicated with us, his creations, through Jesus Christ in both the Old and New Testaments. This 7-day reading plan illuminates the characteristics of God to help deepen your understanding and awe of his gifts.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo