UGenesise 2:8-17

UGenesise 2:8-17 ZUL59

UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo. UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi. E-Edene kwavela umfula owamanzisa insimu; wahlukana khona, waba yizimbaxa ezine. Eyokuqala inegama lokuthi iPishoni; yiyo ezungeza izwe lonke laseHavila, lapho kukhona igolide. Lihle igolide lalelo zwe. Kukhona nenhlaka yebedola* netshe leshohamu* lapho. Igama leyesibili linguGihoni; yiyo ezungeza lonke izwe laseKushe. Igama leyesithathu linguHidekeli; yiyo egobhoza ngasempumalanga kwase-Asiriya. Eyesine ingu-Ewufrathe. UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine. UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UGenesise 2:8-17