UGenesise 2:20-23
UGenesise 2:20-23 ZUL59
Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle. Kepha umuntu akatholelwanga umsizi onjengaye. UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama. UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu. Wayesethi umuntu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.”





