UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile. UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza. Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu. Kwakungakabikho sihlahla endle, namifino yayingakamili emhlabathini, ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakanisi imvula emhlabeni, kungakabikho muntu wokulima umhlabathi. Kepha kwenyuka inkungu ivela emhlabathini, yanisela ubuso bonke bomhlaba. UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo. UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo. UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi. E-Edene kwavela umfula owamanzisa insimu; wahlukana khona, waba yizimbaxa ezine.
Funda UGenesise 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 2:2-10
3 days
“Our hearts are restless till they find their rest in Thee.” Never before have so many of us felt the restlessness Augustine described with this famous sentence. But what is the solution to our lack of true rest? As this three day plan will show, the solution partially lies in viewing the ancient practice of Sabbath through a different lens—through the lens of “Thee”—Jesus—our ultimate source of peace.
4 Days
Most of us are overworked and utterly exhausted, so the concept of Sabbath could not be more important. To honor the Sabbath means to “keep it holy,” and holy simply means “set apart.” Our Sabbath should look different than the other six days of our week. In this Plan, we’ll discuss what it is, what it isn’t, how it looks today, and finding our true rest in Jesus.
5 Days
Study after study tells us that rest is critical for our physical, mental, and emotional health. Rest matters so much to God that He even made it one of His commandments. We know we should rest—so why don’t we? In this simple 5-day Plan, we’ll look at why, when, where, and how we should rest, and even with whom.
As New York pastor Rich Villodas defines it, a deeply formed life is a life marked by integration, intersection, intertwining, and interweaving, holding together multiple layers of spiritual formation. This kind of life calls us to be people who cultivate lives with God in prayer, move toward reconciliation, work for justice, have healthy inner lives, and see our bodies and sexuality as gifts to steward.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo