Umhlaba wonke wawunolimi lunye nokukhuluma kunye. Kwathi ekusukeni kwabo empumalanga bafumana ithafa ezweni laseShineyari; bakha khona. Base bethi omunye komunye: “Wozani, ake senze izitini, sizishisise.” Izitini zaba ngamatshe abo, nebitume* laba ludaka lwabo. Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.” UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu. UJehova wathi: “Bheka, bonke basizwe sinye nolimi lunye; yikho abaqala ngakho; manje abayikunqanyulelwa lutho abahlosa ukulwenza. Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.” Kanjalo uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke, bephuma lapho; bayeka ukwakha umuzi. Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele,* ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke.
Funda UGenesise 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 11:1-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo