KwabaseGalathiya 6:3-5

KwabaseGalathiya 6:3-5 ZUL59

Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa. Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye, ngokuba yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo.