UHezekeli 35

35
Isiprofetho ngentaba yaseSeyiri
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngasentabeni yaseSeyiri, uprofethe ngayo, 3uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe ntaba yaseSeyiri; ngiyakwelulela kuwe isandla sami, ngikwenze incithakalo nokuyize. 4Ngiyakwenza imizi yakho ibe yihlane, wena ube yincithakalo, wazi ukuthi nginguJehova.
5 “ ‘Ngokuba unobutha obuphakade, futhi unikele abantwana bakwa-Israyeli osikweni lwenkemba ngesikhathi sesigemegeme sabo, ngesikhathi sokuphela kokubi, 6ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza ube yigazi, igazi likuxoshe; ngokuba ungazondanga igazi, igazi liyakukulandela. 7Ngiyakwenza intaba yaseSeyiri ibe yincithakalo nokuyize, nginqume kuyo odlulayo nobuyayo. 8Ngiyakugcwalisa izintaba zayo ngababuleweyo bayo, abagwazwe ngenkemba bawa emagqumeni akho, nasezigodini zakho, nakuyo yonke imifula yakho. 9Ngiyakukwenza incithakalo ephakade, imizi yakho ingabe isahlalwa, nazi ukuthi nginguJehova.
10 “ ‘Ngokuba wathi: “Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, sidle ifa lakho,” noma uJehova ebelapho, 11ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza njengolaka lwakho nanjengomhawu wakho obafele wona ngokubazonda kwakho, ngizazise kubo, lapho ngikwahlulela. 12Uyakwazi ukuthi nginguJehova; ngizwile zonke izithuko zakho ozikhulume ngezintaba zakwa-Israyeli ngokuthi: “Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.” 13Nizikhulisile kimi ngomlomo wenu, nandisile amazwi enu kimi; mina ngiwezwile. 14Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho uthokoza umhlaba wonke, ngiyakukwenza incithakalo. 15Njengokuthokoza kwakho ngefa lendlu yakwa-Israyeli, ngokuba ibiyincithakalo, kanjalo ngiyakwenza kuwe: uyakuba yincithakalo, ntaba yaseSeyiri, naye wonke u-Edomi, yebo, wonke wakhe, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 35: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo