U-Eksodusi 6:6-9

U-Eksodusi 6:6-9 ZUL59

“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu. Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe. Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe yifa; nginguJehova.’ ” UMose wakhuluma-ke kanjalo kubo abantwana bakwa-Israyeli; kepha abamlalelanga uMose ngenxa yenhliziyo encane nemisebenzi esindayo.