U-Eksodusi 24

24
Ukumiswa kwesivumelwano
1Wathi kuMose: “Khuphukela kuJehova, wena no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli, nikhuleke nikude. 2UMose yedwa uyakusondela kuJehova, kepha bona abayikusondela; nabantu abayikukhuphuka naye.”
3 UMose weza wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezahlulelo zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Onke amazwi uJehova awakhulumileyo siyakuwenza.” 4UMose wabhala onke amazwi kaJehova, wavuka ekuseni ngakusasa, walakha i-altare phansi kwentaba, nezinsika eziyishumi nambili njengokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. 5Wathuma izinsizwa zabantwana bakwa-Israyeli, zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uJehova imihlatshelo yokuthula yezinkunzi. 6UMose wathatha inxenye yegazi, wayithela ezitsheni; inxenye yegazi wafafaza ngayo i-altare. 7Wathatha incwadi yesivumelwano, wayifunda ezindlebeni zabantu; bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.”
8 UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, ethi: “Bheka, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenze nani ngawo onke lawa mazwi.”
UMose ukhuphukela eSinayi
9Khona bakhuphuka oMose, no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli. 10 Bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakungathi kugandayiwe ngamatshe amasafire,* kungathi yizulu uqobo ngokucweba. 11Akasibekanga isandla sakhe kuzo izikhulu zabantwana bakwa-Israyeli; sebembonile uNkulunkulu badla, baphuza.
12UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, uhlale khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.”
13Wasuka uMose nenceku yakhe uJoshuwa; uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu. 14Wathi kumalunga: “Manisihlalele lapha, size sibuyele kini; bhekani, o-Aroni noHure bakini; yilowo nalowo onendaba makaye kubo.”
15UMose wayesekhuphukela entabeni, ifu lasibekela intaba. 16Inkazimulo kaJehova yahlala entabeni yaseSinayi, ifu layisibekela izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa esefwini wambiza uMose. 17 Ukubonakala kwenkazimulo kaJehova kwakunjengomlilo oqedayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli. 18 UMose wangena efwini, wakhuphukela entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Eksodusi 24: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo