Basuka e-Elimi; ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe. Lonke ibandla labantwana bakwa-Israyeli lakhonona ngoMose nango-Aroni ehlane. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.” UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; abantu bayakuphuma, babuthe isabelo sosuku imihla ngemihla, ukuze ngibavivinye ukuthi bazakuhamba yini emthethweni wami noma qha. Kuzakuthi ngosuku lwesithupha bakulungise abakungenisileyo; kuzakuba ngokuphindwe kabili kwalokhu abakubutha imihla ngemihla.” OMose no-Aroni bathi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli: “Ngakusihlwa niyakwazi ukuthi uJehova unikhiphile ezweni laseGibithe. Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova, lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?” UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.” UMose wathi ku-Aroni: “Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘Sondelani phambi kukaJehova, ngokuba uzwile izinkonono zenu.’ ” Kwathi u-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini. UJehova wakhuluma kuMose, wathi
Funda U-Eksodusi 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Eksodusi 16:1-11
5 Izinsuku
Kwezinye izikhathi thina bafowethu singathola sizithola sisendaweni yentlango. Kodwa lapho entlango, uNkulunkulu unathi. Angasinika noma siphakathi kwenkangala noma ezindaweni eziluhlaza. Uma ungakwazi ukuthemba uNkulunkulu ngezikhathi ezinzima, lolu hlelo lokuzinikela luyindlela yokukhuthaza ukuthi singamthemba kanjani ekusizeni kukaNkulunkulu uma sibhekene nobunzima.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo