Inkosi isibuya ensimini yendlu yenkosi, ingene endlini yedili lewayini, uHamani wayesewele embhedeni u-Esteri ayekuwo. Yayisithi inkosi: “Uyakuyiphoqa inkosikazi phambi kwami lapha endlini na?” Lapho liphuma leli zwi emlonyeni wenkosi, bamboza ubuso bukaHamani. Wayesethi uHaribona, enye yezinduna ezaziphambi kwenkosi: “Bheka, umuthi okuphakama kwawo kuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, uHamani ayewenzele uMoridekayi owakhuluma kahle ngenkosi, umi endlini kaHamani.” Inkosi yathi: “Mphanyekeni kuwo.” Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.
Funda U-Esteri 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Esteri 7:8-10
4 Izinsuku
Indaba ka-Esteri ethinta inhliziyo, ehlolisiswe kulolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine, ifanekisela indlela uJesu azidela ngayo ukuze asikhulule. Nakuba igama likaNkulunkulu lingashiwongo kulencwadi, ubukhosi Bakhe phezu kwezehlakalo abunakuphikwa, futhi isibindi sika-Esteri nokuzidela kwakhe kubonisa uthando Lwakhe kanye nomsebenzi Wakhe wokuletha ithemba emhlabeni.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo