U-Esteri 5:9-14

U-Esteri 5:9-14 ZUL59

UHamani waphuma khona ngalolo suku, ethokoza enenhliziyo enhle; kepha lapho uHamani embona uMoridekayi esangweni lenkosi ukuthi akasukumanga, kanyakazanga ngaye, uHamani wagcwala ulaka ngoMoridekayi. Kepha uHamani wazibamba, waya ekhaya; wayesethuma, walanda abangane bakhe noZereshi umkakhe. UHamani wabalandisa udumo lwengcebo yakhe, nobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi emkhulisile kukho, nalokho emphakamisile kukho phezu kwezikhulu nezinceku zenkosi. UHamani wathi futhi: “U-Esteri, inkosikazi, akangenisanga muntu kanye nenkosi edilini alilungisileyo ngaphandle kwami; nakusasa mina ngimenyiwe nguye kanye nenkosi. Kepha konke lokho akunganelisi ngalutho kuso sonke isikhathi engilokhu ngibona ngaso uMoridekayi, umJuda, ehlezi esangweni lenkosi.” Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye: “Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo, besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini.” Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.