“Uma kukuhle enkosini, makuphume izwi lobukhosi, lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi u-Ahashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe. Lapho isimemezelo senkosi eyakusenza sesiyakuzwakala embusweni wayo wonke, ngokuba mkhulu bonke abafazi bayakuwahlonipha amadoda abo, amakhulu namancane.” Laba lihle lelo zwi emehlweni enkosi nasezikhulwini; yenza-ke inkosi njengezwi likaMemukhani; yathuma izincwadi ezifundeni zonke zenkosi, ezifundeni ngezifunda njengokubhala kwazo nasezizweni ngezizwe njengezilimi zazo ukuba yilowo nalowo muntu abuse endlini yakhe, akhulume ngolimi lwesizwe sakubo.
Funda U-Esteri 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Esteri 1:19-22
4 Izinsuku
Indaba ka-Esteri ethinta inhliziyo, ehlolisiswe kulolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine, ifanekisela indlela uJesu azidela ngayo ukuze asikhulule. Nakuba igama likaNkulunkulu lingashiwongo kulencwadi, ubukhosi Bakhe phezu kwezehlakalo abunakuphikwa, futhi isibindi sika-Esteri nokuzidela kwakhe kubonisa uthando Lwakhe kanye nomsebenzi Wakhe wokuletha ithemba emhlabeni.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo