Ngakho khumbulani ukuthi nina enanikade ningabezizwe ngokwenyama, ababizwa ngokuthi abangasoki yilabo ababizwa ngokuthi abokusoka, okwenziwa ngezandla enyameni, ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKristu, naningaphandle kombuso ka-Israyeli, naningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni. Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu. Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba kunye, nowabhidliza udonga olwahlukanisayo olungubutha, ngenyama yakhe ewenzile ize umthetho wemiyalo esezimisweni ukuba adale kuyena labo ababili babe muntu munye omusha, enze ukuthula, enze futhi ukuba bobabili babuyisane noNkulunkulu emzimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngakho. Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze. Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuYise. Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa senimbuso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi, okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, okukuyo nani, nakhiwe kanye nabanye, ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.
Funda Kwabase-Efesu 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Kwabase-Efesu 2:11-22
5 Days
For some, Christmas time can be full of grief, tragedy, hurt, and division. Yet Christmas celebrates that God became a human and stepped right into the middle of our hurting, angry, chaotic world to bring us peace—peace among people and, even more importantly, peace with God. Join us this Advent season in looking at the peace brought by Christ.
21 Days
Ephesians is rich with truths about God and his saving work in us. This plan is designed to help you dig deeper into this text, while learning more about God and yourself. The daily six step rhythm will help you to establish a habit of reading and engaging with God’s Word. This plan is brought to you by the Christian Standard Bible (CSB). Learn more at CSBible.com.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo