Kwabase-Efesu 2:1-3

Kwabase-Efesu 2:1-3 ZUL59

Uniphilisile nani enanifile ngeziphambeko nangezono zenu, enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli, esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye.