UmShumayeli 8

8
1Ngubani onjengohlakaniphileyo na?
Ngubani owazi ukuchasisela indaba na?
Ukuhlakanipha komuntu kuyakhanyisa ubuso bakhe,
nobulukhuni bobuso bakhe buyaguqulwa.
2 Ngithi: Gcina izwi lenkosi
ngenxa yesifungo ngoNkulunkulu.
3 Ungasheshi ukusuka ebusweni bayo,
ungemi endabeni embi,
ngokuba yenza konke ekuthandayo.
4 Ngokuba izwi lenkosi liyabusa;
ngubani ongasho kuyo ukuthi: “Wenzani na?”
5Ogcina umyalo akayikwazi okubi:
nenhliziyo yohlakaniphileyo
iyakwazi isikhathi nokwahlulela,
6 ngokuba kukhona isikhathi nokwahlulela ezindabeni zonke;
nokho ububi bomuntu bukhulu phezu kwakhe,
7 lokhu engazi okuyakuba khona,
ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi kuyakuba kanjani na?
8 Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye,
futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa;
ukukhululwa akukho empini,
nobubi abunakukhulula umninibo.
9Ngabona konke lokho, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe. 10Kanjalo ngabona ukuthi ababi bembelwa, ababengenile bephuma endaweni engcwele, bababazeka emzini lapho kade benza okunjalo; nalokho kuyize.
11 Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi, 12 ngangokuba isoni, noma senza okubi kayikhulu, kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe; 13kodwa akuyikuba kuhle kwababi, nemihla yabo ayiyikwandiswa njengesithunzi, lokhu abesabi phambi kukaNkulunkulu.
14 Kukhona okuyize okwenziwa emhlabeni kokuthi kukhona abalungileyo abehlelwa ngokomsebenzi wababi, nokuthi kukhona ababi abehlelwa ngokomsebenzi wabalungileyo; ngathi: “Nalokho kuyize.” 15 Ngase ngibabaza intokozo, ngokuba umuntu akanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla, nokuphuza, nokujabula; lokhu kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe ezinsukwini zokuphila kwakhe aziphiweyo nguNkulunkulu phansi kwelanga.
16Lapho ngibeka inhliziyo yami ukukwazi ukuhlakanipha nokubona umshikashika owenziwa emhlabeni, ngokuba akakho obona ubuthongo ngamehlo akhe imini nobusuku, 17 ngase ngiqonda wonke umsebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu akanakuwubamba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga, ngokuba noma umuntu eshikashikeka kangakanani ukuwuhlola, angewuthole, yebo, nakuba ohlakaniphileyo ecabanga ukuthi uyawazi, akanakuwuthola.

Okuqokiwe okwamanje:

UmShumayeli 8: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo