UmShumayeli 4

4
1 Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi. 2 Ngase ngibusisa abafileyo asebafa kunabaphilayo abasekhona, 3kepha badlulwa bobabili nguye ongakabikho, ongabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga.
4Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.
5 Isiwula siyasonga izandla zaso,
sidle umzimba waso.
6Kungcono ukhweshe lokuthula
kunezandla zombili zigcwele umshikashika
kanye nokufuna umoya.
7Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga:
8 Kukhona oyedwa,
kanaye owesibili,
yebo, akanamntwana, kanamfowabo,
nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho,
namehlo akhe awasuthi ngengcebo.
Uthi: “Ngishikashikela-bani,
ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?”
Nalokho kuyize nenhlupheko embi.
9 Kungcono ababili kunoyedwa,
ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo.
10Ngokuba uma bewa,
omunye uyavusa umngane wakhe;
kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,
engenawesibili wokumvusa!
11Futhi uma ababili belele ndawonye,
banokufudumala,
kepha oyedwa angafudumala kanjani na?
12Nakuba umuntu ahlula oyedwa,
ababili bayakuma phambi kwakhe,
nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.
13Kungcono umfana ompofu ohlakaniphileyo kunenkosi egugileyo eyisiwula, engasakwazi ukuxwayiswa, 14 ngokuba waphuma etilongweni ukuba abe yinkosi, yebo, wazalwa embusweni wayo empofu. 15Ngabona bonke abaphilayo ababehamba phansi kwelanga bekanye nalowo mfana obeyakuma esikhundleni sakhe; 16kwakungekho ukuphela kwabantu bonke, bonke ayephambi kwabo; nokho abafika emuva abayikuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize nokufuna umoya.

Okuqokiwe okwamanje:

UmShumayeli 4: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo