UmShumayeli 12

12
1 Futhi khumbula uMdali wakho
emihleni yobusha bakho,
zingakafiki izinsuku ezimbi,
ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi:
“Angithokozi ngayo;”
2yebo, lingakabi mnyama ilanga,
nokukhanya, nenyanga,
nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula,
3 ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela,
amadoda anamandla agobe,
abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana,
abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe,
4iminyango ivalwe esitaladini,
lapho umsindo wokusila uncipha,
umuntu avuke ngezwi lenyoni,
izintombi zonke zokuhlabelela zithuliswe;
5nalapho abantu besaba imimango
izesabiso zibe sendleleni,
umalimondi* ukhahlele,
intethe itotobe,
izithelo zesihlahla sekaphari*
zingabe zisaba namandla,
ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade,
nabalilayo bazulazula esitaladini;
6yebo, lingakagqabuki igoda lesiliva,
nokhamba lwegolide lungakaphahlazwa,
nembiza ingakafi ngasemthonjeni,
nesondo lingakaphuki ngasemgodini wamanzi,
7 uthuli lubuyele emhlabathini,
njengokuba lwalunjalo,
umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.
8 “Ize leze,” usho uMshumayeli,
“konke kuyize.”
9 Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile, wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya walungisa izaga eziningi. 10UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi anamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.
11 Amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo, nezigaba zawo zinjengezipikili ezinamatheleyo, ephiwe nguMalusi munye. 12Kepha phezu kwalana, ndodana yami, mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.
13 Nakhu ukuphela kwendaba,
lapho sekuzwakele konke:
Mesabe uNkulunkulu,
ugcine imiyalo yakhe,
ngokuba lokho kungokwabantu bonke.
14 Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa
uyakuyisa yonke imisebenzi
ekwahlulelweni kanye nakho konke
okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.

Okuqokiwe okwamanje:

UmShumayeli 12: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo