Kwathi lapho uMose eseqedile ukuloba amazwi alo mthetho encwadini aze aphela, uMose wawayala amaLevi ayethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, wathi: “Thathani le ncwadi yomthetho, niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu, ibe khona, ibe ngufakazi, imelane nani. Ngokuba mina ngiyakwazi ukwambuka kwakho nentamo yakho elukhuni; bheka, ngisekhona nani namuhla niyahlubuka uJehova; kuyakuba kakhulu kangakanani emva kokufa kwami na? Ngibuthele onke amalunga ezizwe zenu nezinduna zenu ukuba ngikhulume lawa mazwi ezindlebeni zazo, ngifakazise izulu nomhlaba ngazo. Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.” UMose wayesekhuluma ezindlebeni zebandla lonke lakwa-Israyeli amazwi ehubo lakhe, aze aphela.
Funda UDuteronomi 31
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UDuteronomi 31:24-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo