U-Amose 9

9
Ukuwa kwethempeli
1 Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi:
“Shaya izihloko zezinsika,
ukuze imigulugulu izamazame,
uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke;
abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba;
obalekayo kubo akayikubaleka,
nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.
2 Noma befohla endaweni yabafileyo,
isandla sami siyakubakhipha khona;
noma bekhuphukela ezulwini,
ngiyakubehlisa khona.
3 Noma becasha esiqongweni saseKarmeli,
ngiyakubafunisisa,
ngibakhiphe khona;
nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle,
ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.
4 Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo,
ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale,
ngibeke amehlo ami kubo
kube kubi, kungabi kuhle.”
5 INkosi uNkulunkulu Sebawoti
yiyo ethinta umhlaba, uncibilike,
bakhale bonke abakhileyo kuwo;
uyakukhukhumala wonke njengeNayile,
ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;
6 yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini,
isekele igobela lawo emhlabeni;
yiyona ewabizayo amanzi olwandle,
iwathululele ebusweni bomhlaba;
nguJehova igama layo.
7 “Aninjengabantwana bakwaKushe kimi,
nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.
“Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe,
namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”
Insali
8 “Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo;
ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba,
ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.
9“Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza,
ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli
phakathi kwabo bonke abezizwe,
njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo,
kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.
10 Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba,
zona ezithi: ‘Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele.’ ”
Ukubuyiswa kuka-Israyeli
11 “Ngalolo suku
ngiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo,
ngivale imifantu yalo;
ngiyakumisa izihlephu zalo,
ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,
12 ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi
nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami,”
usho uJehova okwenza lokhu.
13 “Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,
“lapho olimayo eyakufica ovunayo,
nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu;
izintaba ziyakuconsa iwayini,
amagquma onke ancibilike.
14 Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli,
bakhe imizi echithekileyo,
bahlale kuyo;
bayakutshala izivini,
baphuze iwayini lazo;
bayakwenza nezivande,
badle izithelo zazo.
15 Ngiyakubatshala ezweni labo,
bangabe besasishulwa ezweni labo engibanike lona,” usho uJehova uNkulunkulu wakho.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Amose 9: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo