Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe. Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.” Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala. Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane, afe. Kepha sebebheka isikhathi eside, bebona ukuthi akafikelwa ngozi, baphenduka bathi ungunkulunkulu.
Funda IzEnzo 28
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzEnzo 28:3-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo